Uk'thula ebandleni, ngibonge inkos' isangcinile
Kwaze kwafika usuku lwanamhlanje inyama isahlangene nomphefumulo
Abanye bebefisa, kodwa basalile endleleni
Manje nginivalo ngisaba nokukhuluma amagama ayambulala umuntu
Impilo is'thwes' ijok'...⇣ More
Uk'thula ebandleni, ngibonge inkos' isangcinile
Kwaze kwafika usuku lwanamhlanje inyama isahlangene nomphefumulo
Abanye bebefisa, kodwa basalile endleleni
Manje nginivalo ngisaba nokukhuluma amagama ayambulala umuntu
Impilo is'thwes' ijok' emahlombe siyasidwa
Sibulawa indlala siphila ngamaqhinga silingisa amaqhawe asebhayibhelini
Ngoba nomoya oyingcwele, nawunkuya uyosithela
Masizama ukuwunqanda ngokuya egodini amaphupho ashabalele
Ngokuphazima kweso, siphaphama engasekho
Akusabalulekile ukuthi unani manje, okubalulekile ukuthi usaphila yini?
Ngoba abafowethu bafis' okwembuzi, umphefumulo womuntu
Awusathengwa nangemali bekunani
Bekunani nje, ukuthi siphile umuntu azifele yena ngamaphuth' akhe
Nalemzimba igcwel' izifo, sihamba nazo egazini
Sisaba ngisho ukungena emathandweni, hleze umuntu aphenduk' umbulali
Ngok'ngenhloso nkosi yami, adilikelwe ithuna manje
Sibonga lonk' ithuba, ukuvuk' ek'seni kuyimpumelelo
Masiy' ematohleni siphambana nokhuvete, sidlal' umacashelana
Nezif' ezingalapheki, kodw' usalokhu es'chinil' uMdala wezinsuku
S'yabonga nkosi (s'yabonga) uphind' ubhale futhi cosu
S'yabonga Mdali wentozonke, usigcinile
Thel' amafutha is'bani sami sikhanye njalo emehlweni akho
Thel' amafutha is'bani sami sikhanye njalo emehlweni akho
Hamba nathi, kukho konke sigcine
Heye heye heye
Sithi Camagu, sithi Camagu
Thel' amafutha is'bani sami sikhanye njalo emehlweni akho
Thel' amafutha is'bani sami singasuki emehlweni akho
Ngigcine Nkosi yeh!
⇡ Less
Administrator
Days Ago
Sorry! The Comment Section Was Recently Disabled So You Wont Be Able To Comment on Musa's Ukukhanya Track | Song